
INingizimu Afrika yethula umkhankaso wayo wokuqala wokugoma izinkukhu ngobuningi emzamweni wokuvikela izinkukhu zakuleli emkhuhlaneni wezinyoni.
UNgqongqoshe wezoLimo uJohn Steenhuisen umemezele ngoLwesine ukuthi imigomo izosatshalaliswa emapulazini amaningi ezweni.
Leli gxathu luza ngemuva kwamasonto kuvalwe ukungeniswa kwemikhiqizo yenkukhu evela eBrazil okwesikhashana, kulandela ukuqubuka kwegciwane le-H5N1 esifundeni esiseningizimu.
OLUNYE UDABA: Intengo yenyama ebomvu ingase yehle, kwenyuke eyenkukhu
USteenhuisen uthe odokotela abangongoti baseNyuvesi yasePitoli kanye nomkhandlu wocwaningo i-ARC babeka eqhulwini izindawo ezisengozini enkulu kanye nemihlambi yezohwebo ukuze kunqandwe ukubhebhetheka komkhuhlane wezinyoni, futhi kunqandwe ukubhebhetheka komkhuhlane.
Mayelana nesifo esithathelanayo samatele, ungqongqoshe uthi sekufakwe i-oda lemigomo engaphezu kuka-900,000 e-KZN, njengoba kuqhubeka ukuhlolwa kwezinkukhu eGauteng.
Kulindeleke ukuthi liqale ngesonto elizayo iqoqo lokuqala.
“Konke kuncike ekulandeleni imithetho nenqubo ye-biosecurity elawula ukuhamba kwezilwane kanye nokudayiswa kwezilwane.
“Kuyagcizelela futhi ukuthi kungani sidinga uhlelo lokulandela umkhondo eNingizimu Afrika oluzolawula lokho. Silande imigomo eBotswana Vaccine Institute, kufanele ngabe siyazikhiqizela thina lapha kodwa okwamanje iyona ndawo esingayithola kuyo.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
