Owezemfundo eKZN unxusa abafundi ukuba bawasebenzise ngendlela efanele amaholidi ezikole

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, usekhuthaze abafundi, ikakhulukazi abenza umatikuletsheni, ukuba bawasebenzise kahle amaholidi ezikole asebusika ngokuba babe yingxenye zezinhlelo zokweseka izifundo zabo.

“Nginxusa abafundi bethu abafunda umatikuletsheni ukuba basebenzise izinhlelo zasebusika ezenziwa wuMnyango wezeMfundo eKZN kwizifunda ezingu-12 esifundazweni sonke saKwaZulu-Natal,” kusho uHlomuka.

“Lezi zinhlelo zenzelwe ukulekelela abafundi bethu baka-Grade 12 ukuba baqinise ukufunda kwabo ukuze bezokwazi ukweza kangcono ezifundweni zabo ngaphambi kwezivivinyo zokugcina.”

OLUNYE UDABA: Kubikwa ukuthi iKZN iyona ehamba phambili ngezibalo zokubulala ezikoleni

Utuse abafundi nothisha ngokuzikhandla nokuzimisela kwabo kusukela kuqala unyaka wezemfundo ka-2025 kuze kube yimanje.

Ngokubona ukuthi abafundi abaningi bangase bavakashe ngamaholidi, uHlomuka ubagqugquzele ngokuthi bagxile ezifundweni zabo futhi baqhubeke nokubeka phambili izifundo zabo, kungakhathalekile ukuthi bakuphi kulama holidi.

“Labo abakude nezikole bayakhuthazwa ukuba bagqoke imifaniswano yabo yesikole bahambe beyofunda amakilasi asebusika aseduze nezindawo abavakashele kuzo,” usho njalo eqhuba.

UNgqongqoshe uqinisekise umphakathi ukuthi amakilasi ezikole zasebusika kuyafinyeleleka kuwo futhi asekelwa othisha abanolwazi ezindaweni ezikahle esifundazweni sonke.

UHlomuka uthe lezi zinhlelo ziyingxenye yokuzibophezela kwesifundazwe ekwenzeni kangcono imiphumela yabafundi nokuqinisekisa ukuthi ayikho ingane esala ngemuva.

Ufisele bonke abafundi nothisha isikhathi samaholidi esiphephile nesinemiphumela emihle, wenxusa abazali nababheki ukuba basekele uhambo lokufunda kwezingane zabo ngalesi sikhathi esibalulekile.

InsideEducation

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)