Uguqe ngedolo wakhuleka ephuma phambili emacaleni abebhekene nawo u-Omotoso

Johannesburg – INkantolo eNkulu yaseGqeberha namuhla ishaqise abaningi ngesinqumo sayo esikhiphile ecaleni lomfundisi waseNigeria uTimothy Omotoso nabanye ababili bebandla lakhe asolwaa nabo.

Lo mfundisi  wethelevishini waseNigeria, uPastor Timothy Omotoso, uphume phambili kuwo wonke amacala angu-32 okudlwengula nokushushumbisa abantu.

OLUNYE UDABA: Inkantolo izokhipha isinqumo ecaleni lomfundisi uTimothy Omotoso

U-Omotoso, kanye nabanye asolwa nabo, uLusanda Solani noZikiswa Sitho, bobabili abangamalunga aphezulu ebandla lakhe, baboshwa ngo-2018, bebhekene noxhaxha lwamacala anzima, okubalwa kuwo awokudlwengula, ukuhlukumeza ngokocansi, ukushushumbiswa kwabantu namanye.

Leli cala eliseqophelweni eliphezulu, elihambisana nokubambezeleka, izinselelo zomthetho kanye nemizamo eminingi yokuthi leli cala lihoxiswe, seliphothuliwe kulandela iminyaka eyisishiyagalombili izwe lithe njo kulo.

USolani, uSitho no-Omotoso baphume namuhla, amagama abo esuliwe emabhukwini enkantolo.

Umbuso ukuqinisekisile ukuthi u-Omotoso uzodingiswa abuyiselwe eNigeria ngokushesha.

EWN

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *