
Abezicishamlilo nezimo eziphuthumayo kaMasipala weTheku, kanye namathimba eZinhlekelele, baphuthume endaweni yesigameko lapho okuqubuke khona ilangabi ngezithuba zabo-03:00 ekuseni namuhla emjondolo yaseDakota kuWadi 90 eSiphingo, eningizimu yeTheku.
Umlilo ucekele phansi indawo yokuhlala, washiya umonakalo omkhulu. Amaqembu ezimo eziphuthumayo asebenze kanzima ukubhula ilangabi.
Ibalelwa ku-200 imijondolo ecekeleke phansi nokuholele ekutheni kusale dengwane abantu abangu-300, okubalwa kubo nezingane.
OLUNYE UDABA: Kunxuswa iTheku ukuba lidedele umhlaba ukuze kwehliswe ukuminyana kwabantu emijondolo
Uphiko Lokulawulwa Kwezinhlekelele kuMasipala, ngokubambisana nenhlangano engenzi nzuzo iGift of the Givers yilo oluhlinzeka abantu ngosizo.
Lezi zinhlangano zombili zisebenza ndawonye ukusiza izakhamuzi ezithintekile, okubalwa; ukudla, izingubo zokulala, nezinye izinto ezibalulekile.
Imindeni esale dengwane ifihle amakhanda okwesikhashana komakhelwane, abangani nezihlobo.
IZITHOMBE:





Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
