
Abazali besikole saseWestville bafuna kumiswe emsebenzini ngokushesha uthishnhloko osolwa ngokungaziphathi kahle.
Abazali bajoyinwe yinyunyana yothisha i-NAPTOSA bebhikisha ngaphandle kwaseWestville Senior Primary School ngoLwesihlanu.
UThirona Moodley weNAPTOSA uthe izikhalo ngothishanhloko zafakwe kusukela ngo-2022.
“Kukhalwa ngokuthi lo thishanhloko unukubeza othisha ngokocansi, ukusebenzisa izimali ngendlela engalungile, ukungakwazi ukuphatha isikole, izinqumo ezihlangene ngaphandle kwesinqumo sikathishanhloko, ukubhidlika kobudlelwano phakathi kukathishanhloko nesigungu esilawula isikole,” kusho uMoodley.
OLUNYE UDABA: Owezemfundo uluthathela phezulu elothisha osolwa ngokufundisa abafundi umkhuba
“Ngakho-ke ziningi izinsolo abhekene nazo, kanti umnyango ususifeyilile isikole ngokudonsa izinyawo ekuthatheni izinyathelo ezinqala kulolu daba.
UMoodley uthi uthishanhloko wamiswa ngonyaka odlule kodwa wabuyela esikoleni ngemuva kwezinyanga eziyisithupha uMnyango wezeMfundo uhlulekile ukumbeka icala.
UJudy Galassi ongumzali, uthe bazoqhubeka nokufaka ingcindezi aze akhishwe.
“Othisha bethu abakhululekile futhi bakhathazekile. Balova emsebenzini ngenxa yengcindezi, abanye bayesula, abakwazi ukusebenza nale ndoda,” kusho uGalassi.
“Ngenxa yokweseka othisha nokweseka izingane zethu nesigungu sethu esiphethe ngendlela emangalisayo, sifuna uMnyango wezeMfundo uthathe izinyathelo.
“Singathanda ukumbona emiswa emsebenzini ngokushesha.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
