Kusale enkundleni abasolwa ababili kudutshulwana namaphoyisa eGlebelands, eMlazi

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili abaneminyaka engu-27 no-30 ubudala ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ehostela iGlebelands.

Amaphoyisa abethungatha umsolwa obefunelwa icala lokuduna imoto, elenzeke eHarding ngoLwesihlanu lwangomhlaka-19 September 2025, lapho amadoda amahlanu ayehl;ome ngehzibhamu aduna iveni.

Kwaboshwa umsolwa oyedwa ngecala lokuduna imoto, kanti amaphoyisa abethungatha abasolwa abasatanasa ngaphandle.

OLUNYE UDABA: Kubulawe isigebengu esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eMzinto

Kutholakale iminingwane yomunye wabasolwa ukuthi ukuphi nendawo, yabe isiveza ukuthi umsolwa ubecashe ehostela iGlebelands, eMlazi.

Kube sekuhlelwa umsebenzi wokumlandela, kwathi ngoMsombuluko ebusuku, ngomhlaka-20 October 2025, amalungu amaphotisa ababela ehostela laseGlebelands. Amaphoyisa angqongqoza ekamelweni lomsolwa azibika. Umsolwa waphendula ngokudubula ebhekise emaphoyiseni, kwabe sekusuka esinamathambo kwadutshulwana kwasala abasolwa ababili enkundleni.

Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanjalo nezinhlamvu zesibhamu eziyisithupha.