Mchunu-Kuzokwakhiwa ilebhu entsha yamaphoyisa yokuhlolwa kwama-DNA eKZN

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uthi kuzokwakhiwa amalebhu amasha e-forensic eGauteng, KwaZulu-Natal, Limpopo, Mpumalanga naseFree State.

Lokhu kuzosiza ukusheshisa ukuhlolwa kwe-DNA futhi kwehlise ukusalela emuva kwe-toxicology.

UMchunu ukhulume kanje ngoLwesihlanu ngesikhathi ekhipha izibalo zakamuva zobugebengu, ethi lezi zikhungo ezintsha zizothuthukisa amandla ombutho wamaphoyisa iSouth African Police Services okucubungula ubufakazi ngokushesha, kwenziwe ngcono uhlelo lwezobulungiswa, kanye nokulwa nobugebengu ngempumelelo.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uzokhipha izibalo zobugebengu zekota

“Sifuna ukuthuthukisa ukusebenza kahle kwemisebenzi yethu yophenyo esiyithatha njengebucayi futhi inomthelela ngqo kumsebenzi wamaphoyisa,” kusho uMchunu.

“Emasontweni ambalwa azayo, sizobe sisayinda isivumelwano sokusebenzisana noMnyango wezeSayensi nobuChwepheshe, oveze ukuthi uzimisele ngokuthi sifinyelele elebhu yabo e-CSIR.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

One thought on “Mchunu-Kuzokwakhiwa ilebhu entsha yamaphoyisa yokuhlolwa kwama-DNA eKZN

  1. **mitolyn official**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *