Isekela likamengameli wezwe umnu Paul Mashatile usevumile ukuthi bekungabaqaphi bakhe laba ababonakale emgwaqeni onguthelawayeka uN1 e Fourways beshaya abantu.

Kule video esabalele ezinkundleni zokuxhumana kubonakala izimoto ezimbili ezimnyama zohlobo lwe BMW X6 zivimbe imoto yohlobo lwe Polo,bese kwehla izigora ezihlome ziyizingovolo zishaya laba okukholakala ukuthi bebehamba ngalo i Polo njengoba bese bebalalise ngaphandle kwemoto.

UMashatile ukhiphe isitatimende lapho ethi akahambisani neze nalobudlova obubonakale kule video kanti ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke u Gen. Fannie Masemola usethembise ukuphenyisisa ngalesigameko. Lesitatimende siqhuba sithi umphakathi mawuvumele amaphoyisa ukuthi aqhube uphenyo lwawo ngalesigameko ukuze uma kukhona okufanele bajeze bezobhekana nengalo yomthetho. “Amalunga e SAPS asungulelwa ukulawula nokuvikela ilungelo lawona wonke umuntu akumele basebenzise amandla abo ngendlela encindezela abantu” kusho lesitatimende.