Kunxuswa umphakathi ukweseka abagijimi be Comrades Marathon

Ungqongqoshe wezemidlalo amasiko nezamaciko uDr Ntuthuko Mahlaba usenxuse imiphakathi eyakhe ngasemzileni ekuzobe kuhamba kuyo abagijimi be Comrades Marathon ukuthi baphume ngobuningi babo ukuyokweseka abagijimi.
NgeSonto izinkumbi zabagijimi zizosuka e Mgungundlovu zilibangise eThekwini njengoba zizobe zibambe iqhaza kulomgijimo webanga lika 87.7km. “Sicela umphakathi ukuthi uphume ngobuningi babo ukuthi beze kokweseka labagijimi njengoba behlezi benza naseminyakeni eyedlule” kusho uDr Mahlaba. u Mahlaba uthi umoya wobumbano owobungani nohlezi ubonakala uma kunalomgijimo ubalulekile kakhulu ukudala ubumbano emiphakathini.Umnyango wezemidlalo uzohlomulisa owesilisa nowesifazane odabuka esifundazweni saKwaZulu-Natal nozoba ngowokuqala ukushaya intambo ngesamba sika R50 000 wamarandi. Abagijimi ke abasuka kulesifundazwe nababhekwe ngabovu kulomqhudelwano u Bongmusa Mthembu,Nkosikhona Mhlakwana,Mahlomula Sekhonyana,Thobani Chagwe,Bonginkosi Zwane, Melusi Dlomo,Fikile Mbuthuma,Makhosi Mhlongo,Lisa Collet no Jenet Mbhele.