
Umdidiyeli we African National Congress KwaZulu Natal umnumzane Michael Mabuyakhulu usekwamukele ukwehluleka kwaleliqembu ukuzuza abanye omasipala, kanye nezihlalo eziningana kubona nakuba lusaqhubeka uhlelo lokubala amavoti kwezinye izingxenye zesifundazwe.
Lomholi utshele umsakazo wezwi loMzansi FM njengoba eyingxenye yabethamele uhlelo lokubalwa kwamavoti e-ICC edolobheni laseThekwini. Uthi akuyona into emuncu ukuthi abavoti babe nesizathu sokunikeza amanye amaqembu ithuba lokubahola emphakathini yabo njengoba lokho kuyingxenye yentando yeningi okuyiyona ebusayo eNingizimu Africa.
Undiyema uthi kodwa futhi ngakolunye uhlangothi babona izibalo zabo zikhuphukile uma uqhathanisa nangesikhathi sokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe olwasingathwa ngonyaka ka 2024. Uthi ngonyaka ka 2024 bathola amavoti evile ezinkulungwaneni ezingamakhulu ayisithupha (600 000) kulesifundazwe, kepha kulonyaka kungakaphothulwa nje ukubala amavoti abo asevile ezinkulungwaneni ezingamakhulu amane (400 000).
