Ziyaqhubeka izinhlelo zokubuyisela isidumbu sikaNathi Mthethwa ekhaya

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu seNxusa laseNingizimu Afrika eFrance, uNathi Mthethwa, kulindeleke ngeSonto.

Lowo owayengungqongqoshe ushone ngokuwa esitezi sesi-22 eHyatt Regency Hotel eParis kuleli sonto.

OLUNYE UDABA: Umndeni wakwaMthethwa aweneme ngokungaxhumani nohulumeni

Kusukela lapho, kuningi ukuqagela okuzungezayo ngokuthi uphume kanjani umphefumulo kodwa  iziphathimandla zaseNingizimu Afrika zikushaya indiva lokho.

Ubuholi be-ANC esifundazweni buvakashele kwaMthethwa ukuyobhonga emswaneni.

Isidumbu sakhe kulindeleke ukuthi sibuyiselwe eNingizimu Afrika ngesonto elizayo.

eNCA