
Ubhadle ejele owesilisa obulale umalume kubangwa upholoni wesikole
Indoda eneminyaka engu-21 ubudala igwetshwe iminyaka engu-18 ibhadle ejele ngecala lokubulala umalume wayo kulandela ukumkhuza ngokudla upolony wokwenza amasemishi ezingane zesikole.
Ngokusho kokhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) eNorth West uSivenathi Gunya, isigameko senzeka ngoFebruary 2020 kulandela ingxabano eyayiphakathi kukaThato Darlington Lekaowa waseManokwane village eTaung nomalume, wakhe ozalwa kanye nomama wakhe uJonas Othusitse Lekaowa, 46.
UGunya uthe laba bobabili babesemzini kaJonas ngesikhathi sesigameko.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe isiguli esihlasele unesi esibhedlela
“Kwaqubuka inxabano ngemuva kokuthi uThato ekhuzwe ngumalumekazi nomalume wakhe ngokudla ukudla, ikakhulukazi upholoni, obekelwe amasemishi ezingane zesikole.
“Ingxabano yaholela ekutheni kufinqelwane amaqupha, lapho uThato athatha khona ummese wagwaza umalume wakhe emhlane. UJonas waphuthunyiswa esibhedlela, ngeshwa wahlonjwa njengoshonile engena esibhedlela.”
UGunya uthe uThato wabaleka endaweni yesigameko kodwa ngokuhamba kwesikhathi waboshwa.
“Ngesikhathi uThato enikwa ibheyili ekuqaleni, wabe eseqa okuyinto eyaholela ekutheni umbuso umephuce ibheyili yakhe. Kulandela lokho wabe esegqunywa esitokisini nalapho wayelokhu elibazisa ukuqulwa kwecala lakhe.”
Nakuba aliphika icala, uThato watholwa enecala lokubulala ngokulandela ubufakazi obuqanda ikhanda obethulwe ngabashushisi, kusho uGunya.
Umshushisi uReboana Mokgopa ethula iziphakamiso zokwelula isigwebo sikaThato eNkantolo yesiFunda yaseTaung uthe uThato ukhombise ukungayihloniphi impilo futhi akazange akhombise nokuzisola ngesenzo sakhe.
UMqondisi wezokushushiswa komphakathi eNorth West, uDkt Rachel Makhari, usamukele isigwebo, wathi siqinisekisa ukuzibophezela kwe-NPA ngokufundisa isifundo abenzi bokubi.
“Lokhu kuthumela umyalezo ocacile wokuthi izinkantolo zethu ngeke zizibekezelele izenzo zodlame ezingenangqondo, ikakhulukazi emindenini, nokuthi ubulungiswa buzokwenziwa ngaphandle kokwesaba noma ukuchema,” kusho yena.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
