Abokufika baphika izinsolo zokuyamaniswa nobugebengu

Abantu bokufika kuleli abahlala edolobheni iTheku kuMahatma Gandhi Road eThekwini baziphikisile izinsolo ezibayamanisa nobugebengu.

Lokhu kulandela imibhikisho eqhubekayo edolobheni emelene nabokufika abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba sezweni laseNingizimu Afrika.

Lo mbhikisho uqale eKing Dinuzulu Park kanti kulindeleke ukuthi uqhubekele eSouth Beach eThekwini, indawo eyaziwa ngokuba namabhizinisi amaningi aphethwe yizakhamuzi zakwamanye amazwe.

OLUNYE UDABA: “Ayinabudlova imibhikisho emelene nabokufika ngokungemthetho kuleli”

U-Abubakar Kasim waseKenya noRoger Mulaja waseDemocratic Republic of Congo (DRC) baveze ukukhathazeka kwabo, begcizelela ukuthi akubona bonke abayizakhamuzi zakwamanye amazwe okufanele bahlanganiswe nobugebengu.

Omunye wabo uthi, “Ubugebengu bukhona yonke indawo futhi ngibuka iMadlanga Commission lapho bekhuluma ngeqembu lezidakamizwa, iqembu lobugebengu kodwa akekho noyedwa umuntu wokufika obizwe ngegama kwiKhomishana kaMadlanga.”

SABC