
Odadewabo abathathu beNkosi yamaZulu uMisuZulu KaZwelithini sebecele ubumbano.
Lokhu kuza ngemuva kokuba iSilo sabhekise amazwi aqinile nakhombisa indelelo komunye wodadewabo, uNkosazana Nomkhosi.
Kumqhafazo oqoshiwe owaputshuka, iSilo sezwakala sikhuluma amazwi alulazayo kudadewabo.
Amakhosazana amathathu akuqinisekisile ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwawo neNkosi kodwa acela ubumbano.
Esitatimendeni esifundwe yiNkosazana uBukhosibemvelo, ithi uma kungekho ukuthula emndenini kuzoba nemiphumela engemihle eyoze ikapakele nasezizweni samaZulu.
OLUNYE UDABA: Indlunkulu kaZulu isikhiphe isitatimende esimayelana nenkulumo ezungeza ezinkundleni zokuxhumana
“Umndeni wasebukhosini kumele ukhumbule ukuthi izenzo zabo ziyavela emehlweni abantu,” kusho inkosazana.
“Igama negama elikhulunywayo, zonke izenzo zokungaboni ngaso linye zenza ubukhosi bubentekenteke kuphinde kuhlazeke negama okumele engabe liyahlonishwa. Uma indlu idilika ngaphakathi ingalindela kanjani ukwethembeka kubantu bayo? Sekuyisikhathi manje sokubuyisela ukuthula. Ubuholi kufanele buqondiswe ngobuhlakani, hhayi ngemizwa yobudlabha.
“Umbuso kufanele ume njengensika ungabi yinkundla yezimpi zokuzazisa. Labo abakhohlwa yilokho angeke bakhunjulwe njengabaholi abaqotho kodwa bayokhunjulwa njengalabo abadelela ubukhosi.”
Uqhube wathi le nkulumo ekulo mqafazo oqoshiwe ikhomba ukuthi kunezinkinga ezinkulu phakathi kwezelamani okuyizinkinga ezingamele zizitshwe.
“Indlela esikhuluma ngayo, iphimbo kanye nolimi kumele kube yisibonelo esizweni,” kusho inkosazana uBukhosibemvelo.
“Sifisa ukusho ukuthi asisoze sabamanqika ukuvikela udadewethu nanoma yimuphi omunye umuntu wesifazane ekuhlukunyezweni yinoma iyiphi indoda, akukhathalekile ukuthi uyini emphakathini.”
Ihhovisi leSilo lithe ngeke lisaqhubeka nokuphawula kulolu daba.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
