
UNdlunkulu kaZulu usuphefumule ngenkulumo ezingeza ezinkundleni zokuxhumana lapho iNkosi uMisizulu kaZwelithini izwakala ixabana nowesifazane okukholakala ukuthi ungomunye wodadewabo.
Nakuba kungacaci ukuthi lesi sigameko senzeke kuphi kodwa le nkulumo iqale ukusabalala ngoLwesihlanu ngaphandle kokuphawula komndeni wasebukhosini noma inkosi uqobolwayo.
Esitatimendeni esifushane esikhishwe wumndeni wasebukhosini ngoMsombuluko, uthe uyazi ngenkulumo eqoshwe enkundleni yezokuxhumana, yize kunjalo ucela umphakathi ukuba wazi ukuthi lolu wudaba lomndeni futhi luzoxazululwa ngaohakathi ngabantu abadala basebukhosini.
Umndeni wasebukhosini uthe kusobala ukuthi le nkulumo yaqoshwa ngaphandle kwemvume kanti futhi manje isisetshenziswa njengengxenye yokucekela phansi isithunzi seSilo ngaphambi kwecala elizayo lasenkantolo.
“Sinxusa umphakathi ukuthi izimo okanye izinkulumo ezifana nalezi uziqaphele njengoba zingenayo into ebambekayo futhi zidukisa INdlunkulu isalokhu izibophezele ekubumbaneni nasekuxazululeni izindaba zangaphakathi ngesizotha. Uma selaziwa lonke iqiniso, kuzothathwa izinyathelo ezifanele. Sicela ukunikwa isikhathi nenhlonipho ngalesi sikhathi,” sifunde isitatimende.
OLUNYE UDABA: Uhulumeni waseKZN uthole indawo yokwakha izindlu zemindeni eyakhahlanyezwa yizikhukhula
Kule nkulumo eqoshiwe Ngonyama izwakale ilwisana ngamazwi nodadewabo okukholakala ukuthi uyinkosazana uNomkhosi Zulu. . Akucaci ukuthi ngabe yini esuse lengxabano, kepha iSilo sizwakala sisabisa ngokubopha udadewabo. ISilo siphinde sizwakale kaningi simemeza sithi Nomkhosi phuma! Phuma! Phuma egumbini lami lokuphumula. Lo wesifazane uzwakala etshela inkosi ukuthi ayiphinde le nto ebiyishilo ukukhomba khona ukuthi ubeqopha inkulumo. Inkosi iphinde iphimise amagama anenhlamba, ikhuluma isilungu.
Umthombo ongaphakathi ebukhosini uthe ubudlelwano phakathi kweNgonyama nabantwana bakubo abubuhle neze kangangoba ibingahlali esigodlweni saKwakhangelamankengane ukuze ibagweme. Umthombo uthe ngokuqokwa kweShansela leNgonyama ephinde ibe ngumeluleki weNkosi, uSibongiseni Mageza Mbambo inkosi isiqalile ukubuyisana nezingane zakubo yaphindela esigodlweni isiyoba kanye nazo.
– IOL
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
