
Umngeni u Thukela Water usuyichithile imibiko esabalele ezinkundleni zokuxhuma ethi kunomuntu wokufika odabuka e Pakistan obanjwe ethela ushevu emadamini asabalalisa amanzi ezindaweni zaseThekwini ngenhloso yokubulala izakhamizi.
Kulenkulumo eqoshiwe kuzwakala owesifazane exwayisa abantu ukuthi bangabe besawuphuza amanzi ngokuba kunowase Pakistan osethele ushevu emanzini. “Sanibonani guys sanibonani guys,ooh angikayitholi ivideo but mase ngiyitholie ngizoni sendela into engena manje , imeseji engena from masipala, guys ngicela ningasawaphuzi amanzi asempompini niphuze asezigujini,nasemabhakedeni ngicela basebenzise wona, kubanjwe amaPakistani njengamanje ebusuku amaPakistan guys afak upoison emanzini eMidmardam,so abanjiwe njengamanje basazama ukuwacleana amanzi,ngiyanicela guys ningawasebenzisi amanzi asempompini njengamanje ngyanicela please” kusho lenkulumo eqoshiwe.
Okhulumela Umngeni u Thukela Water u Syabonga Maphumulo uthi sebezwile ngalemiyalezo esabalele ezinkundleni zokuxhumana ngemibiko engalona iqiniso. ” SiwuMngeni u Thukela Water sesizwile ngemibiko engesilo iqiniso ngokuthi kunabathile ababhadanywe befaka u poison emadamini amanzi kubalwa iMidmardam nelinye idamu eliphakela i Theku. Sithanda ukuqinisekisa umphakathi ukuthi lezizindaba azisilo iqiniso kepha ziyimisebenzi yabantu abafuna ukufaka ingebhe nokudideka emphakathini.” kusho u Maphumulo.

**mitolyn official**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.