
Amaphoyisa omkhandlu dolobha wetheku asenxuse abahlali bakulelidolobha ukuthi baqaphele amaqola abathembisa imsebenzi. Lokhu kulandela ukwanda kwezikhala zabantu abaqolwe yilabo ebebedayisa izikhala zomsebenzi bezenza izikhulu amaphoyisa omkhandlu. Okhulumela amaphoyisa omkhandlu uBoysie Zungu uthi abantu kumele bazi ukuthi umaspala soze wafuna imali kubantu abafuna umsebenzi.
Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuthi abike lezi zigameko ngokuthinta amaphoyisa kaMasipala ku-031 361 0000 noma athinte amaSaps ku-10111
