
Zihlalele ovalweni kulandela ukudutshulwa kubulawe abantu ababili endaweni yaKwaMashu esigcemeni sakwa-K, enyakatho neTheku, KwaZulu-Natal ngoMgqobelo wangomhlaka-18 July.
Izakhamuzi zakule ndawo zitshele abezindaba zeDaily Sun ukuthi zezwa ukuqhuma kwezibhamu ebusuku.
Ilungu lomphakathi uThandi Dube uthe wayesahlezi ngesikhathi kuqhuma izibhamu.
“Iningi Labantu laselilele ngoba kulezi zinsuku kumakhaza ebusuku kanti ababaningi ababonakala behamba ebusuku.
OLUNYE UDABA: Ufuna izimpendulo umndeni wowabulawa ngamaphoyisa KwaMashu
“Ngemuva kokuqhuma kwezibhamu, omakhelwane nami saphuma ukuyobheka okuqhubekayo. Sashaqeka uma sithola amadoda amabili edindilize phansi emgaqweni njengoba ayesedutshulwe ashona,” kusho uDube.
UDube uthe kwaphuma nezinye izakhamuzi ukubheka okuqhubekayo, kodwa akekho owayewazi la madoda.
“Njengamane asazi ngempela ukuthi yini eyaholela kulesi sigameko. Mhlawumbe la madoda ayelandelwa ngabantu aababefuna ukubabulala, basebenquma ukubabulalela endaweni esihlala kuyo,” esho.
Esinye isakhamuzi esihlala eduze nalapho okwabulawela khona la madoda sitshele abezindaba zeDaily Sun ukuthi sasicabanga ukuthi kudutshulwa ikhaya laso.
Lesi sakhamuzi sithi sethuka kakhulu ngesikhathi kwenzeka isigameko, sasizitshela ukuthi kudutshulwa ikhaya laso kodwa ngemuva kwesikhashana sathola ukuthi akunjalo.
“Siyaqala ukwehlelwa yisimo esikanje endaweni esihlala kuyo, futhi asazi ukuthi yini eholele kulesi sigameko.
“Izakhamuzi zendawo zithukile kusukela kwenzeka isigameko.”
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uSergeant Thenjiswa Ngcobo uqinisekise ukuthi amaphoyisa aKwaMashu aphenya isigameko sokubulala kulandela ukudutshulwa kwamadoda amabulu angaziwa KwaMashu esigcemeni sakwa-K.
