Kukhalwa ngokusabalala kwezimbungulu edolobheni

Izakhamizi ezihlala endaweni ezihlala abantu abaningi edolobheni laseHarare zihlaba umkhosi ngokuhlaselwa yizimbungulu ezibangele ukungaphatheki kahle kanye nokukhathazeka ngokwezempilo.

Le nkinga eqale ukuqubuka emafulethini aseMbare isisabalale nakwezinye izindawo okubalwa kuzo iMabvuku, iKuwadzana neBudiriro ukubala ezimbalwa kulezi eziningi.

Izimbungulu ezaziwa kakhulu ngokuncinzana sezidale uvalo ebantwini abaningi ngokwenhlanzeko, ukuthuthwa kwendle ikakhulukazi njengoba zisabalala nje.

Idolobha laseHarare ngemizamo yalo seliqale imizamo yokukhuculula emafulethini aseMbare ngemizamo yokuqeda lokhu kusabalala kwezimbungulu.

OLUNYE UDABA:Owesifazane uvulele usbali wakhe icala ngezinsolo zokuthakatha

Nakuba seyenziwe lemi zamo, imibiko iveza ukuthi lezi zimbungulu sezisabalale nasezindaweni ezakhelene naseMbare, zidala ingcindezi emphakathini.

Ngokusho kwezinye izakhamizi ezithintekile, ukusabalala kwaleli gciwane kuhlobene nobudlelwano  okukhona phakathi kwezakhamizi zaseMbare nabantu abavela kwezinye izindawo zedolobha.

Esinye isakhamuzi esikhulume neNewsDay sithe lolu daba lwezimbungulu lwande njengoba kuvakashelwana nabantu baseMbare.

 Lesi sakhamuzi siphinde sathi ukusabalala kwezimbungulu kuphinde kwandiswe ukudayiswa kwempahla yokugqoka engamasekeni.

Njengoba kuqhutshelwa nokufuthwa kwezimbungulu izakhamuzi zinethemba lokuthi kuzothathwa ezinye izinyathelo ukuze kuqedwe inkinga yezimbungulu futhi kunqandwe nokusabalala kwazo.

Bulawayo24

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *