Osolwa ngokubulala eMamelodi East ulaxaze ibheyili

Ivelile eNkantolo yeMantshi yaseMamelodi indoda esolwa ngokubulala ngesihluku abazala, uTshiamo noBaleseng Moramaga eMamelodi East.

UMsolwa ogama lakhe nguTebogo Mnisi ubhekene namacala okubulala enzeke ngempelasonto ulaxaze ibheyili.

OLUNYE UDABA: Ugixabezwe ngeminyaka engu-12 ebhadle ejele ngawokuzama ukubulala

UMnisi oneminyaka engu-38 ubudala, uzobhadla esitokisini kanti ubhekene namacala, okungawokubulala amabili, elokuzama ukubulala kanjalo nelokuphatha isibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Icala lizobuyela enkantolo ngomhlaka-19 January 2026 ukuze kuqutshekwe nophenyo.

Amalungu omphakathi waseMamelodi East aphume ngobuningi bawo ukuyosekela umndeni wezisulu ufuna nobulungiswa nokuba umsolwa anqatshelwe ibheyili.

Izinhlangano ezimele nodlame lobulili okubalwa kuzo iNot In My Name, Kwanele Foundation, i-ANC, i-Afrika Mayibuye Movement party, Voice It In Action nezinye izinhlangano nazo bezikhona ukweseka umndeni.