
Iziphathimandla zemigwaqo zaKwaZulu-Natal zibambe abashayeli abangu-23 bedakiwe ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi we-Road Safety kuFlorida Road ngempelasonto, eThekwini.
Abakwa-Road Traffic Inspectorate bebehlola izindawo njengenjwayelo behambele nasendaweni eyaziwa kakhulu uFlorida Road ngeSonto ekuseni.
OLUNYE UDABA: Umbiko wePhasika: Bangaphezu kweshumi abashayeli ababoshelwe ukushayela bedle amponjwana
UNgqongqoshe Wezokuthutha uSiboniso Duma uthi ukuvalwa kwemigwaqo bekuyingxenye yomsebenzi wokubambisana kwezomthetho weNenzani la Ezweni nokuhloswe ngawo ukuvikela abasebenzisi bomgwaqo kubashayeli ababudedengu nabangacabangelani.
Abashayeli bezimoto, ababhekene namacala okushayela bephuzile, kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.
“Ithimba le-RTI lisebenisana namaphoyisa omgwaqo akwaMasipala kanye nophiko lwe-SAPS lenze kahle kakhulu ngokukhuculula leyo ngxenye yesifundazwe. Sifuna ukuvikela abasebenzisi bomgwaqo kubashayeli abena noma inkanjani futhi ababudedengu,” kusho uDuma.
