Ufuna izimpendulo umndeni wowabulawa ngamaphoyisa KwaMashu

Indida ngabantu ababulawe kwaMashu, kwaBester, esigamekweni sokudubulana namaphoyisa enyakatho yeTheku ngoLwesihlanu lwangomhlaka-10 July 2026.

Umndeni wakwaNtuli eNanda Glebe, uthi ufuna izimpendulo ngokubulawa kwendodana yawo, uSkhona Ntuli obenemnyaka engu-28 ubudala.

Ubaba womufi uZwelithini Ntuli uthi ngokwembiko abasayizwe emoyeni ukuthi indodana yabo isolakala ekubulaweni kwephoyisa elabulawa nentombi yalo khona enanda ezinyangeni ezedlule nokuyinto ebashaqisa kakhulu ukuthi ingane yabo asikho nanesisodwa isidakamizwa esidlayo futhi ibizisebenzela kahle enkamonanini yakwa-Transnet njengoba yafundela ezolimo kodwa yabe isithola omunye umsebenzi.

OLUNYE UDABA: Usale enkundleni obedubulana namaphoyisa eMariannhill

Umndeni uthi ngosuku lwesigameko babeyothenga isicabha semoto, kune moto eyayilokhu ibalandela yonke indawo ngisho edolobheni imbala, lapho bafike bosa khona inyama kanti nalapho le moto eyayidimile babesayibona.

Kuze kube yimanje umndeni awukavunyelwa ukubona umzimba wengane yawo emakhazeni asePhoenix futhi awukayitholi icase number emaphoyiseni.

Umama kamufi uthi sekuyisikhathi sokuthi kulwisane nalento yokuthi amaphoyisa kuthiwe abulale abantu ngoba beyizigebengu ngaphandle kokwenza uphenyo.

IZITHOMBE: