Abakwa-Sassa bachitha umbiko osabalele kwezokuxhumana wokuholwa kabili kwezibonelelo

I-South African Social Security Agency (Sassa) ichithe imibiko esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ethi abahola isibonelelo sikahulumeni bazohola Kabili.

Abakwa-Sassa baxwayisa ngokuthi le mininingwane engesilo iqiniso idala itwetwe elingadingeki kwinqwaba yezakhamuzi zakuleli.

NgoLwesithathu, abakwa-Sassa ithe “ikhathazeke kakhulu” ngokusabalala kweminingwano engamampunge ezinkundleni zokuxhumana, ithi uhulumeni ugunyaze ukuba kuholwe izibonelelo kabili.

OLUNYE UDABA:  Zizonyuka ngo-October izibonelelo zikahulumeni zakwaSASSA

Abakwa-Sassa bafisa ukucacisa ukuthi le miningwano ayisilo iqiniso.

“Akukaze kube khona isimemezelo esiphuma kwaSassa noma kuHulumeni sokuholwa kabili kwezibonelelo.”

Abakwa-Sassa banxusa umphakathi ukuba ungayisabalalisi le mininingwano, begcizelela ukuthi lo mbiko ongamampunge ungaba nemiphumela engemihle.

The Citizen