IZITHOMBE: Injabulo abebethengisa phansi kwebhulohwe eWorkshop bethola izimvume zokudayisa

Imizamo kaMasipala weTheku eqhubekayo yokugqugquzela ukulandelwa kwemithetho ngokufundisa, ukweseka kanye nokuqinisa umthetho isibe nezithelo.

Abathengisi abangu-11 abebesebenza ngokungemthetho ngaphansi kwebhulohwe elise-Workshop sebenikezwe izimvume zokuhweba ngokusemthethweni futhi bathuthelwa endaweni enamasevisi aphelele iCentrum Site ngemva kokulandela zonke izinqubo ezifanele. Le ndawo inikezela ngokuningi okubalwa kukho ezokuphepha ezingamahora angu-24, ukuklina nokunye.

Kuqhume imikikizo abahwebi bebizelwa esiteji ngesikhathi kunengqungquthela yesine yabahwebi baseThekwini, ebiseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, kusukela ngomhlaka-7 kuya kumhlaka-8 October. Abahwebi bazwakalise ukujabula ngokuthi bagcine besebenza ngaphansi komthetho, bengenalo uvalo lokuphucwa izimpahla zabo ngamaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kwethulwe umqhudelwano wokuhlonipha uShenge

USihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela eDolobheni, uKhansela Thembo Ntuli, uthe lokhu kuphawula “ukuqinisa umthetho nokubuyisela isithunzi kulabo abafaka isandla nsuku zonke emnothweni weDolobha.”

Wengeze ngokuthi: “Asifuni ukushaqa impahla yanoma ngubani, kodwa kufanele kuhlonishwe imithetho kamasipala njengoba izindawo ezivulekile ngezabo bonke nabahamba ngezinyawo banelungelo lokuhamba ngokukhululeka.”

UKhansela Ntuli ugqugquzele abathengisi nomphakathi ukuthi bafake izicelo zokuthola izindawo zokudayisa ezingenamuntu ezitholakala kwizifunda ezehlukene kuze kube wumhlaka-24 October.

IZITHOMBE: