
Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu seNxusa laseNingizimu Afrika eFrance, uNathi Mthethwa, kulindeleke ngeSonto.
Lowo owayengungqongqoshe ushone ngokuwa esitezi sesi-22 eHyatt Regency Hotel eParis kuleli sonto.
OLUNYE UDABA: Umndeni wakwaMthethwa aweneme ngokungaxhumani nohulumeni
Kusukela lapho, kuningi ukuqagela okuzungezayo ngokuthi uphume kanjani umphefumulo kodwa iziphathimandla zaseNingizimu Afrika zikushaya indiva lokho.
Ubuholi be-ANC esifundazweni buvakashele kwaMthethwa ukuyobhonga emswaneni.
Isidumbu sakhe kulindeleke ukuthi sibuyiselwe eNingizimu Afrika ngesonto elizayo.
