
Uhulumeni uyakugcizelela ukuthi akukho kubulawa kwabantu eNingizimu Afrika.
Lokhu ukubeke kwacaca ezingxoxweni abenazo nabaphathi baseMelika, njengoba iqembu lamaBhunu angu-49 litheleke eWashington, DC, ngemuva kokufaka izicelo zokubalekela eMelika.
OLUNYE UDABA: Isifikile eMelika indiza yamaBhunu esuka kuleli
UNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe, uRonald Lamola, uxwayisa ngokuthi bazobhekana nobunzima uma befuna usizo lwezobunxusa eNingizimu Afrika, noma sebefuna ukubuyela ezweni.
IPhini likaMengameli, uPaul Mashatile, uthe uhulumeni ngeke aphoqe noma ngabe yisiphi isakhamuzi ukuthi sihlale eNingizimu Afrika uma sesingafuni.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
