
Indiza elayishe iqembu lokuqala labantu abangu-49 abafaka izicelo zokuba ngababaleki eMelika isifikile.
La bantu baphume ngendiza e-OR Tambo International Airport izolo ebusuku.
Indiza eqashiwe yakwa-Omni Airways esuka eTexas, ibahambise eMelika, lapho bezokwamukelwa khona yizikhulu esikhumulweni sezindiza iDulles International Airport, eVirginia.
OLUNYE UDABA: Agcwele esikhumulweni sezindiza amaBhunu alibangise eMelika esuka kuleli
Khonamanjalo, okhulumela uMnyango wezokuXhumana kwamaZwe ngamaZwe phecelezi iDepartment of International Relations (DIRCO) uChrispin Phiri uthi ngeke kube lula kumaBhunu angu-49 asuka eNingizimu Afrika aya e-United States.
Ngesikhathi beseMelika, uma kwenzeka noma yini kubona, angeke bafinyelele kalula kunoma yiluphi usizo lwezobunxusa oluvela eNingizimu Afrika.
Imizamo yabo yokufinyelela noma yokubuyela eNingizimu Afrika izobe iphambene nomthetho wamazwe ngamazwe kanye nemithetho yababaleki, njengoba umuntu engeke avele abuyele ezweni lapho ethi akahlezi kahle khona.
‘Ngeke bakwazi ukubuyela ekhaya bayoshisa inyama(benze i-braai) mase bebuyela emuva,’ kusho uPhiri.
Ukuze babuye, kuzodingeka bahoxise isikhundla sabo sokuba ngumbaleki, okuyoba umsebenzi omkhulu kakhulu.
NgoFebruay uMengameli waseMelika ngemuva kokubuyela kwakhe eWhite House wasola uhulumeni wakuleli ngokubulala abantu abamhlophe.
Lo Mengameli waphinde wasola uhulumeni ngokuphuca abalimi abangamaBhunu umhlaba wabo ngokomthetho we-Expropriation Act.
UNgqongqoshe we-DIRCO, uRonald Lamola, uveze ukuthi iqembu lamaBhunu ahambile alifanelekeli ukuba ngababaleki.
Ngokombiko we-eNCA uLamola uthi izibalo zobugebengu kuleli azihambisani nokuthi abalimi abamhlophe bayahlushwa.
ULamola uthi ayikho nakancane imininingwane ekhomba ukuhlukunyezwa kwabantu abamhlophe.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
