
Owesifazane waseMzinto uthi umndeni wakhe usashaqekile ngemuva kokubulawa kodadewabo ababili
UNandipha noNangamso Lifana badutshulwa babulawa emzini wakubo oselokishini laseLindelani.
Indoda esolwa ngokuba ngushayasibhamu, eyaziwayo emndenini, kubikwa ukuthi ibe isibhekisa isibhamu ngakuyo yazidubula.
Udadewabo, uNombulelo uthi ukwazile ukuphuma ebaleka endlini.
OLUNYE UDABA: UNdunankulu waseKZN uzohambela umndeni oshonelwe izelamani
UNombulelo uthi ukuthola kunzima ukudlulisa isehlo esamenzakalela.
Iziphathimandla zithi owesifazane uyelulama esibhedlela.
Khonamanjalo ukuhlaselwa kubulawe abantu besifazane okwenzeka ngeSonto kuphinde kwaqubula izinkulumo zokuthi kuthathwe izinyathelo eziqinile zokulwa nodlame lobulili.
UNombulelo ekhuluma nabakwaNewswatch uthe: “Ngabe kukhulunywa okunye ngami ukube angizange ngilwe nomsolwa ngoba ngazama ukumphuca isibhamu ngabe sengimphusha, ngabalekela ngaphandle. Yilapho ke okwangena khona umakhelwane ezokhuza umsolwa ukuthi akakuyeke lokhu akwenzayo. Wabe esebheka ngakuye wavulela ngenhlamvu ebhekise kuye.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

шлюхи лесная