
Amaphoyisa akwaMasipala waseThekwini bophiko iBicycle Unit neTracing Unitbasebenze ngokwempumelelo ngesikhathi bebopha abasolwa abantshontsha izimoto nokuzijema enkabeni yedolobha iTheku nasezindaweni ezingasebhishi.
Ngokulandela umkhondo, amaphoyisa akwazile ukubamba imoto esolisayo ngesikhathi umshayeli ezama ukubaleka nokungayithobeli imithetho yomgwaqo.
Imoto igcine imisiwe, kwaphetha ngokuboshwa kwenqwaba yabasolwa.
OLUNYE UDABA: Video: UNgqongqoshe ushayele ihlombe amaphoyisa ngokutholakala kwempahla eyebiwa esikoleni i-JE Ndlovu
Kutholwe imishini okusolwa ukuthi isetshenziselwa ukygqekeza, izinhlamvu zesibhamu nokunye.
Imikhondo iphinde yaholela amaphoyisa ezindaweni ezahlukene, kwaboshwa abanye abasolwa abayamaniswa nemibiko yakamuva yokwebiwa kwezimoto eThekwini.
Amacala ababoshelwe wona kubalwa, icala lokutholakala nempahla okusolwa ukuthi yebiwe, ukutholakala nezinhlamvu zesibhamu ezingekho emthethweni, ukuphambana nengalo yomthetho, ukungayinaki imiyalelo yamaphoyisa nokuvimbela amaphoyisa ekwenzeni umsebenzi wawo.
Bonke abasolwa baboshwe ngokusemthethweni, baziswa ngamalungelo abo ngokomthethosisekelo, futhi bavalelwa eziteshini zamaphoyisa ophiko lwe-SAPS.
Uphenyo luyaqhubeka kanti futhi kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye.
