
Isimenyezelwe imininimgwane yomngwabo yomsunguli weZingane Zoma uBusani “Ntshebe” Khuzwayo.
Le nkakha yomculi nomshayi wesigingci izobekwa endaweni yayo yokugcina ekhaya kubo esigodini saseQhudeni eNquthu KwaZulu-Natal ngoMgqibelo wangomhlaka-17 May.
Inkonzo kaNtshebe yesikhumbuzo ihlelelwe ukuba ibanjwe ngoLwesine lwanomhlaka-15 May esitebeleni somculo iDowntown Studio eGoli.
Inkonzo kulindeleke ukuba ihanjelwe ngabanye abaculi abadumile.
OLUNYE UDABA: Namuhla kubekwa iphoyisa lesibili kwamathathu atholwa eshonile emfuleni
UNtshebe odlule emhlabeni eseneminyaka engu-62 ubudala obethathwa njengobuso beZingane Zoma ushonele ngoLwesihlanu lwangomhlaka-09 May kulandela ukugula kafushane ebanjwe yisifo sohlangothi.
Lo mculi waqala ukudlala isigingci ngo-1991 eqenjini lomculo iNobizela ngaphambi kokusungula Izingane Zoma ngo-1993 kanye nabafowabo uShobeni Khuzwayo, uMqapheleni Magubane ongasekho emhlabeni, uNikwani Ngobese naye osadlula emhlabeni, uTholakele Ngobese noThandoluni Phungula.
Ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNikwani Ngobese, uXolile Buthelezi wajoyina iqembu ngo-2008.
Ngeshwa uXolile washona ngo-2016, okubikwa ukuthi wazibulala. Ngawo lo nyaka kwashona uMqapheleni naye owathathwa wukugula okufushane.
Njengamanje kusele uShobeni Khuzwayo, uThandoluni Phungula noTholakele Ngobese.
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
