
Bamisiwe emsebenzini abasebenzi abane bakamasipala wesifunda uMzinyathi KwaZulu-Natal ngemuva kokuthinteka ecaleni lokweba nokudayisa amanzi ngokungemthetho.
Izindawo eziningi ezingaphansi kokuphathwa kwezindawo zasemakhaya aziwatholi amanzi ompompi futhi zithembele emathangini.
Umasipala ufake amakhamera emathangini awo ngemuva kokuthola izikhalo eziningi emiphakathini ngabasebenzi bakahulumeni abafuna imali yamanzi, kusho iMeya uThembisile Mchunu.
OLUNYE UDABA: URamaphosa usole izinkampani ezihlinzeka amanzi ngamathangi ngokucekela phansi ingqalasizinda
“Sazisiwe ukuthi kukhona abasebenzi abadayisela abantu amanzi, lokhu abakwenzayo akukho emthethweni,” usho kanje, wengeza ngokuthi kulindeleke ukuthi kumiswe abanye abasebenzi.
ITimesLIVE ithole ukuthi abanye abasebenzi bakamasipala bakhokhisa u-R500 kuya ku-R600 ukugcwalisa ithange lokugcina. Kubikwa ukuthi ukushoda kwamanzi eMzinyathi sekudale ibhizinisi kwabanye abashayeli bamaveni bakule ndawo abadayisa amanzi abawakha emadamini endawo. Abashayeli kuthiwa babiza imali efanayo neyabasebenzi bakamasipala.
UMzinyathi unomlando wokuthola umbiko ongemuhle wokucwaningwa kwamabhuku ezimali ehhovisi lomcwaningi mabhuku-jikelele. Ngenxa yalokho, umasipala usufakwe ngaphansi komlawuli.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
