
Osinde esigamekweni sokudubula okushone kuso omunye wabasebenzi bakwaMasipala weTheku uthi usehlalele ovalweni njengoba imbangela yokubulawa kwalo msebenzi kungakacaciswa.
Lo wesifazane, oneminyaka engu-32 ubudala, ubengomunye wabantu abathathu abebehamba ngemoto, eyahlaselwa ekuqaleni kwale nyanga.
Uveze ukuthi ubethandana nesisulu, ebeyingxenye yomnyango wokulungisa imigwaqo namanzi ezikhukhula emnyangweni.
OLUNYE UDABA: Usindile udokotela obedutshulwa ngaphandle kwesibhedlela eThekwini
Ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe, uthe usale enesithombe nokuphazamiseka engqondweni nezibazi emzimbeni ngenxa yokuthola inxeba lokudutshulwa.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi aphenya icala lokubulala namabili okuzama ukubulala.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
