
Izisulu zezikhukhula eThekwini, ezikhishwe ehhotela lendawo ngoLwesibili, zithi sezikhathele wukuzulazula.
Kulezi zisulu zezikhukhula ezingaphezu kuka-100 kubalwa izingane ezincane nezaguga eziphoqeleke ukuba zilale onqenqemeni lomgwaqo ngemuva kokuba ihhotela lithe kube nokubambezeleka kokukhokhelwa wuMnyango wezokuHlaliswa koMphakathi KwaZulu-Natal.
Omunye wezisulu uPhumaua Mlonzi, uthe bake bantantiswa izikhawu eziningana ngaphambi kokuba bahlaliswe ehhotela iBayside ngoMarch.
Uchazile ukuthi kungani abesifazane abaningi bemanqika ukubuyela emahholo omphakathi.
OLUNYE UDABA: Zikhishwe ehhotela laseThekwini izisulu zezikhukhula ngenxa yesikweletu sika-R128m
“Sifuna izindlu, sathenjiswa. Siyahlukunyezwa emahholo omphakathi. Thina njengabantu besifazane siyahlukunyezwa ngokocansi. Isizathu esenze savuma ukuhlala emahholo omphakathi phambilini kungenxa yezingane zethu.
kodwa-ke sesiphinde saxoshwa, sihlezi ngaphandle. Bebelokhu bethi bayalikhokhela leli hhotela. Bebelikhokhela kanjani ihhotela uma singaphandle?”
“The contractor there was chased away, as well as in other areas, where when we start building houses, we are told that communities must not set foot in the area, they will cause depreciation of their houses.”
UNdabe Sibiya, woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, uthe uMnyango ususebenzise imali engu-R185 million wezindleko kodwa udinga u-R128 million ukuze uqedele lesi sikweletu.
Uthi ukuthola indawo yokwakha izindlu zabakhahlanyezwe yizikhukhula kube yinkinga.
“ Sibhekene nenkinga ye-not-in-my-backyard syndrome, lapho kunemiphakathi enqabayo ukusivumela ukuthi sakhele le miphakathi ethintekile izindlu ezohlala kuzo ingunaphakade.
“Uyazi, sasinomhlaba kahulumeni eShallcross lapho sasiqala khona ukwakha izindlu ngonyaka ka-2024 November/December.
“Usonkontileka obekhona waxoshwa, kanjalo nakwezinye izindawo lapho esisuke sesiqala ukwakha izindlu sitshelwa ukuthi imiphakathi akumele silubeke unyawo endaweni, izokwehlisa inani lezindlu zayo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
