Igqamuke ilangabi imoto beyi-test drive emgaqweni eCornubia

Imoto ebihamba ohlangothini oluseningizimu emgwaqeni u-R102 yokheleke ngomlilo ngesikhathi beyi-test drive namuhla.

Abashayeli bezimoto abebedlula bashayele abakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) ePhoenix Operations Centre izingcingo bebika ngemoto eshayo eCornubia – KZN.

Kube sekuphuthunyiswa abosizo lokuqala abafike ngokushesha bafika endaweni yesigameko noMnyango wezicishaMlilo weTheku. Izicishamlilo zicishe umlilo obuvutha ngaphambili kwinjini yemoto yohlobo lwe-VW Golf 1 emhlophe.

OLUNYE UDABA: Ikwazile ukubaleka imindeni, umlilo ucekela phansi umuzi eMontclair

Obeyishayela utshele abe-Reaction Officers ukuthi ungu-Mechanic.

Lo mshayeli uthi imoto ubeyihlola ukuthi ihamba kanjani njengoba eyikhanda yabe isigqamuka umlilo. Kusolwa ukuthi imbangel yomlilo yipayipi likaphethiloli elinenkinga.

Abekho abantu okubikwe ukuthi balimale kulesi sigameko.

-ReactionUnitSouthAfrica

IZITHOMBE:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)