
INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu isichithile isicelo sowayengumengameli wezwe sokucela imvume yokudlulisa isinqumo sangoMarch ngonyaka odlule.
Phambilini uZuma wafaka isicelo, ethi ukuba no-Advocate Billy Downer kuleli cala, kuzomlimaza futhi kwephula ilungelo lakhe lokuqulwa kwecala lakhe kahle. Kodwa leso sicelo sachithwa ngo-2024.
OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo uJacob Zuma
Lona leli jaji, uNkosinathi Chili, likhiphe isinqumo esiphikisa lesi sicelo ekuseni, lathi akakholwa wukuthi kukhona inkantolo ezokhipha isinqumo esihlukile kunalesi kulolu daba.
Ummeli kaZuma, uDali Mpofu, uthi ngokulandelayo bazofaka isicelo eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamacala emizameni yokuphikisa isinqumo sikaChili.
Yonke imizamo yowayengumengameli yokususa u-Downer kuleli cala ibhuntshile.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
