
Inhlangano yamatekisi, iSANTACO, ithi noma yiliphi ilungu layo elitholakala linecala lokubulawa ngesihluku komshayeli wezimoto zobuchwepheshe besesimanje ngaphandle kwaseMaponya Mall nanoma yisiphi esinye isenzo sodlame lizomiswa ngokushesha.
UMthokozisi Mvelase wabulawa kwashiswa imoto yakhe ngaphandle kwenxanxathela yezitolo eSoweto ngoLwesithathu olwedlule, kwalimala abanye abantu ababili.
OLUNYE UDABA: ‘Omalume’ base-KZN basola abamatekisi ngokubaqola
Lesi sigameko sisuse umsindo emphakathini, kwaze kwaqubuka imibhikisho enxanxatheleni yezitolo okuyingqophamlando lapho kwenzeke khona lesi sigameko.
UMengameli weSANTACO u-Abner Tsebe uthi labo abathintekayo kumele babhekane nengalo yomthetho.
“Mangikucacise namuhla ukuthi iSANTACO inomgomo wokungalubekezeleli udlame. Noma yimuphi umshayeli noma ilungu lenhlangano yethu elitholakala libandakanyeka kulokhu kuhlasela noma yiluphi uhlobo lodlame uzoxoshwa ngokushesha phakathi kwethu.”
