
I-ActionSA ithi ingase ibuyekeze isinqumo sayo sokujoyina uhulumeni wobumbano lukazwelonke uma i-Democratic Alliance(DA) ishiya noma ixoshwa.
Kodwa igcizelela ukuthi okusemqoka kuyo njengamanje ukubvinjelwa kwe-VAT ekutheni ingakhuphuki.
OLUNYE UDABA: I-MK ihlela ukuvala kwezwe iphikisana nokunyuswa kwe-VAT
Lokhu kuza ngemuva kokuba ukuphasiswa kwesabelomali lapho amaLungu ePhalamende angu-192 evotele khona kanti angu-182 aphikisana nakho.
Kulandele ukugunyazwa kombiko ohlongoza ukwenyuswa kwe-VAT ngamaphesenti angu-0.5.
I-DA, nokho, ithi uhlelo lwesabelomali lwabanephutha.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
