Ayaphela amaphupho ngesicoco seLigi namuhla

Usuku olukhulu osukwini lwanamuhla kwibhola likanobhuntshuzwayo eNingizimu-Afrika njengoba kuzovalwa imidlalo ye-Betway premiership, amehlo azobe ethe njo kumdlalo we-Orbit College kanjalo ne-Orlando Pirates nokuwumdlalo lapho khona kuzocaca ukuthi ngabe eZimnyama ziyasithatha yini isicoco noma ziyehluleka.

Iqembu le-Orlando Pirates lidinga amaphuzu amathathu ukuthi libe ngompetha beLigi, kanti iqembu le-Orbit College nalo lidinga ukuwunqoba lo mdlalo kumnyama kubomvu njengoba lilwela ukuvika izembe.

OLUNYE UDABA: Abasakwazi ukulinda abathole ithuba lokuyobuka IBafana Bafana kweyomhlaba

Sebeqalile abalandeli bebhola kuleli ukuqhoshelana ngokungase kwenzeke enkundleni eMbombela nalapho kuzocaca khona ukuthi ubani umpetha wakulo nyaka.

IPirates yagcina ukuthatha isicoco seLigi ngesizini ka 2011 /12 ngaphansi komqeqeshi u-Augusto Palacious.

Osukwini lwanamuhla kulindeleke ukuthi umqeqeshi okhona kwiPirates, u-Abdeslam Ouaddou ajabulise abalandeli bezimnyama ngokuthatha isicoco.