
Undunankulu wesifundazwe KwaZulu Natal umnu Thami Ntuli uthi uhulumeni uhlabeke umxhwele ngemva kokuba ubebanzi umthamo wabantu abangazithelanga ngabandayo ukuyobamba iqhaza okhethweni lohulumeni basekhaya. Ubenenkulumo ekhethekile nezindaba zezwi LoMzansi FM esikhungweni sokubalwa kwamavoti e-ICC eThekwini.
Undunankulu uthi lesifundazwe sibe nomthamo owedlula isilinganiso sikazwelonke (National Average) wabantu akade bebambe iqhaza kulolukhetho, nokusho ukuthi abantu basibone sisikhulu isidingo sokuyozikhethela uhulumeni wabo.
Umphemba uthi bayakugqugquzela ukuthi nangezinketho ezizayo izakhamuzi zingazitheli ngabandayo ukuze baholwe abantu ababethembayo ukuhlangabeza izidingo zabo.
