Abasolwa abathathu bashone kulandela ukudubulana namaphoyisa.

Abasolwa abathathu abasolwa ngokubamba
izimoto zemali badutshulwe babulawa ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eKranskop ngoMgqibelo ekuseni.

Amaphoyisa athole abasolwa endaweni yaseMambulu kulandela ulwazi oluyimfihlo. Kuthiwa batholakale nezibhamu.

Abasolwa bahlotshaniswa nokugetshengwa kwemoto ethutha imali eKranskop ngo-April.

OLUNYE UDABA: Usinde kusha ubuhanguhangu indlu abelele kuyo

Amaphoyisa asaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa ababalekile, abasolwa ngokuthi basahlomile.