

Sekuphinde kwaboshwa abanye ababili mayelana necala lokukhwabanisa omazisi nezinye izitifiketi eThekwini.
Abasolwa abayisikhombisa kulindeleke bavele eNkantolo Yamacala Ezohwebo eThekwini namuhla, ngoLwesibili ekuseni.
Ukusebenza ngokubambisana kwamaphoyisa ophiko loKlebe noMnyango wezaseKhaya kuholele ekutheni kuboshwe abantu abaningi ngempelasonto.
Esitatimendeni oKlebe bathe abakakuchithi ukuthi kuzophinde kuboshwe abanye abantu.
Kwababoshiwe kukhona owayeyisikhulu soMnyango wezaseKhaya nevolontiya likamasipala.
Izikhulu zithi omunye umsolwa utholwe nomazisi abantshontshwa abangu-226 kanti owesine kusolwa ukuthi ubenokhiye bamahhovisi kahulumeni kanye namaphepha omgunyathi.
Ngokusho koKlebe, umkhonyovu wenziwa phakathi kuka-February 2020 noJuly 2023 emahhovisi oMnyango wezaseKhaya eSiphingo, maphakathi nedolobha laseThekwini naseShowe.
Kusolakala ukuthi leli qembu belisebenza emuva kwamahora ambalwa bese likhokhela izakhamuzi imali engu-R300 kuya kwengu-R1 000 ukuze zisize abokufika ukuba bathole omazisi bomgunyathi.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe 4 ngokukhwabanisa omazisi nezinye izitifiketi eKZN
kusukela ngoSeptember kuze kube yimanje bangu-38 asebeboshiwe kanti bangu-7 abangabasebenzi basemnyangweni wezasekhaya kulolu phenyo olunzulu mase babe ngu-24 balahlwa ngamacala futhi bagqunywe ejele iminyaka engu-310 isiyonke.
Abanye abasolwa abahlanu baboshwa uphenyo olubucayi lwenkohlakalo ngomhlaka-14 June 2025nezingxenyeni ezahlukene zeTheku.
Bonke bazobhekana namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa, ukwephula uMthetho Wokufika kuleli kanye nokwephulwa komthetho we-Identification Act.
UNgqongqoshe Wezasekhaya, u-Leon Schreiber, uthe lokhu kuyingxenye yemizamo yokuhlakaza lokho akubiza ngokuthi “ubugebengu obuhleliwe”.
