
Kulindeleke ukuthi kukhishwe isinqumo sebheyili sikasomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra.
UMatlala usolwa ngokwakha itulo lokubulala owayeyintombi yakhe ngonyaka ka-2023.
UMatlala yena usamile kwelokuthi umsulwa.
OLUNYE UDABA: Uzofaka isicelo sebheyili uVusimuzi ‘Cat’ Matlala namuhla enkantolo
Umbuso utshele inkantolo ukuthi uMatlala wayesekucasheni futhi esebenzisa igama ekungesilo elakhe ngaphambi kokuba aboshwe.
Abameli bakhe bamile kwelokuthi icala lintekenteke futhi amaphoyisa azama ukumheca ngecala angalazi.
Uphinde wathinteka ezigamekweni zikaKhomishana wamaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi.
