Usinde kusha ubuhanguhangu indlu abelele kuyo

Owesilisa oneminyaka engu-19 ubudala ulimele ngemuva kokusha kwendlu eyakhiwe ngama plangwe e-Amaoti, enyakatho yeTheku ngolwesine ebusuku.

Kubikwa ukuthi lo wesilisa ubeselele ngaphakathi ngesikhathi evuka ebona indlu isha, wase ememeza ecela usizo. Amalungu omndeni kanye nomphakathi baphuthume endaweni yesigameko, bakwazi ukumkhipha endlini.

Ushe entanyeni, ezingalweni, emhlane nasemlenzeni. Umlilo ucishwe amalungu omphakathi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abangani ngotholakale ethuneni elingashoni eHammarsdale

Impahla yasendlini, okubalwa kuyo, izingubo nombhede kushe kwangqongqa. Imbangela yomlilo ayikaziwa.