
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal kanye namathimba ezinhlekelele sebeqinisekise ukuthi umsebenzi wokufuna nokuhlenga abantu kulandela ukuwa kodonga eBuhleni Village eNanda usuphelile.
Siphele ngemuva kokususa imfucuza, isigaba sokumba. Kujutshwe izinja ezihogelayo ezivela kwa-SAPS Search and Rescue unit ukuze ziyoshanela indawo yesehlakalo. Uphiko lwezinja i-K9 aluzange luthole izidumbu, okuqinisekisa ukuthi akekho umuntu osavaleleke ngaphansi kwesakhiwo. Isibalo sabantu esihlengiwe sisahlezi kwabayisishiyagalombili kanye nalabo abangeniswe esibhedlela.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuyaqhubeka ukufunwa kwabantu eBuhleni, eNanda
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu e-KZN, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ubonge amathimba abhekelele izinhlekelele ngokuphetha lo msebenzi.
UButhelezi ushayelke ihlombe amathimba e-SAPS Search and Rescue, awe-EThekwini Metro Disaster Management, kanye nezinsizakalo zezokwelapha eziphuthumayo, iziphathimandla zendawo, kanye nababambiqhaza abahlale endaweni benza imizamo yokukhipha imfucuza.
