IZITHOMBE: Kuyaqhubeka ukufunwa kwabantu eBuhleni, eNanda

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, usephuthumise amathimba abhekelele izinhlekelele zesifundazwe, eBuhleni eNanda kulandela ukuwa kodonga kule ndawo.

Udonga olungamamitha ayi-18 luwe ngesikhathi somhlangano wenkonzo kanti kuvaleleke abazalwane ababalelwa kwabangu-20 ngaphansi kwenhlabathi kanye nemfucumfucu.

Njengamanje, izisebenzi zezimo eziphuthumayo zisindise zaphuthumisa izisulu eziyisishiyagalombili esibhedlela, kanti ezimbili zilimele kakhulu. Imisebenzi yokusesha nokutakula amalungu ebandla asele isaqhubeka.

OLUNYE UDABA: Kubikwa ukuwa kwesakhiwo eNanda

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu eKZN, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, ukuqinisekisile ukuthi amathimba ezinhlekelele esifundazwe akhona endaweni yesigameko ukuze axhumanise imizamo emningi yokutakula, ukukhuculula kanye nezinsizakalo zezimo eziphuthumayo zikaMasipala waseThekwini.

UNgqongqoshe uButhelezi ushayele ihlombe amathimba ezinhlekelele aphuthume ngokushesha, kanye nobungcweti obuvelele ngaphansi kwezimo ezicindezelayo.

IZITHOMBE: