Kuphangalale oyedwa, kwalimala ababili engozini yemoto eMhlanga

Kushone umuntu oyedwa kwalimala kanzima ababili engozini yemoto ekhoneni lomgwaqo Umhlanga Rocks Drive noFernlea Crescent namuhla ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-KZN VIP EMS bafike endaweni bathola imoto ilimele kakhulu kanti umshayeli ubebambeke ngaphakathi emotweni.

OLUNYE UDABA: Seziboshiwe izigebengu ezidale ingozi eChatsworth

Abatakuli basebenzisane noMnyango wezicisha Mlilo ukukhipha umshayeli emotweni ngaphambi kokuthi aphuthunyiswe esibhedlela esesimeni esibucayi.

Ngeshwa ugcine eshonile ngenxa yokulimala kakhulu.

Abanye abagibeli ababili balashwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphunyiswa esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa.

Imbangela yengozi isaphenywa.

KZN VIP