
UNgizwe Mchunu ozibiza ngoMengameli wamaBhinca noyisishoshovu esihola imashi yokulwa nabokufika ngokungemthetho kuleli, uziphikile izinsolo zokuthi ushise ikhaya lakhe.
UNgizwe ushelwe ngenye yezindlu zakhe ezintathu, eMbumbulu, eningizimu yeTheku, ngeSonto, lwangomhlaka-10 May 2026, nokusolwa ukuthi yathungelwa ngomlilo ngesikhathi uNgizwe eseGoli.
Umuzi oshisiwe ngokankosikazi wakhe wesithathu, uFloda Mthimkhulu, naye ongumculi, kwazise uNgizwe unesithembu, ngakho unemizi emithathu eThekwini.
“Ngokwesiko lami, umlilo, uyisiqalekiso, futhi angisoze ngadlala ngomlilo ekhaya lami ukuze ngithole iminikelo,” kusho uNgizwe.
OLUNYE UDABA: “Ayinabudlova imibhikisho emelene nabokufika ngokungemthetho kuleli”
UNgizwe ukholelwa ukuthi iqembu elivikela abokufika ngokungemthetho lingaba yimbangela yokuhlaselwa komuzi wakhe ngomlilo.
Ekhuluma nabezindaba iDaily Sun, uNgizwe uthe ngesikhathi sesigameko sokushiswa kwekhaya wayeseGoli kanti umkakhe wayeseKapa.
“Kwakukhona umuntu obabhekela izingane nezingane endlini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko,” esho.
Bathi kwafika amadoda amathathu, afike abuza ukuthi ngikuphi. Angikuthathi lokho njengosongo ngoba abantu abaningi bavame ukufika lapha. Ngaphatheka kabi ukuzwa ukuthi umuzi wami ushisiwe ngesikhathi ngiseGoli ngilwa nabokufika ngokungemthetho.
UNgizwe uthi yena akasie umuntu onamacala emsamu ukuthi sengathi ajeziswe ngalolu hlobo kodwa ngokosiko lwakubo ufana nomuntu ofelwe, akumele ngisho ngabe uyakhuluma.
Uthi ngeke ayeke ukuyilwa indaba yabantu bokufika ngokungemthetho kuleli.
