I-ANC eThekwini isekela ukukhathazeka ngokufuduka kwabantu ngokungemthetho

I-ANC eThekwini ithi izakhamuzi eziphakamisa ukukhathazeka ngolwabokufika ngokungethetho ezweni zinezikhalazo ezizwakalayo futhi isicele ukuboshwa nokugodukiswa kwabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi.

I-ANC eThekwini ithi abantu bendawo abaphakamisa izinkinga ngolwabokufika ngokungekho emthethweni babeka iziphakamiso ezizwakalayo.

Lokhu kuza ngemuva kombhikisho obuholwa yiMarch and March enkabeni yedolobha iTheku ngoLwesithathu.

Ababhikishi bahambe baze bayofika ebhilidini elikuMahatma Gandhi Street, bethi lisetshenziselwa imisebenzi ehlobene nezidakamizwa.

OLUNYE UDABA: Abokufika baphika izinsolo zokuyamaniswa nobugebengu

I-ANC ithi i-Regional Task Team yayo ibibambe umhlangano wayo wokuqala. Phakathi kwezinye izinto, udaba lwabakufika ngokungemthetho kuleli nabasebenzisa izitolo kanye namanye amabhizinisi amancane bekuyisihloko esiphambili ezingxoxweni.

Inhlangano ikholelwa ekutheni izinqubomgomo zentuthuko yaseNingizimu Afrika zenze kwaba yizwe elikahle lokuhlala nokusebenza kulo – okuholele ekungezwani phakathi kwabantu bendawo kanye nabantu bakwamanye amazwe – ngemisebenzi namathuba ebhizinisi.

Inhlangano ifuna uMasipala waseThekwini wenze umsebenzi wokugasela nsuku zonke ezitolo uphinde uzivale izitolo ezisebenza ngokungemthetho.

I-ANC ifuna idolobha liqale i-Spaza Shop Fund ukusekela amabhizinisi aphethwe ngabantu bendawo.

Newswatch