
Indoda eneminyaka engu-26 ubudala ibulale intombi yayo yaqeda yazihenga eGeorgedale, eHammarsdale, KwaZulu-Natal.
Isigameko senzeke ngoLwesibili ekuseni.
Ngokusho kwemibiko, lezi zithandani bezibhekene nezinkinga ebudlelwaneni bazo ngaphambilini, kodwa ngokuvamile bezikwazi ukuzixazulula ngaphandle kodlame.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabulala intombi yakhe
Akucaci ukuthi yini eholele ekuthebi kuphume umphefumulo.
Izithandani zishiye emhlabeni amadodakazi azo amabili, eneminyaka emihlanu ubudala nenezinyanga eziyisikhombisa izelwe.
Ilungu lomndeni elisondelene kakhulu nodaba licele ukuba banikwe isikhathi bebodwa njengoba bebhekene nalobu bunzima.
Ibandla i-United Faith Reformed Church kulindeleke ukuba libambe inkonzo yokukhanyisele isisulu amakhandlela ngoLwesithathu ngo-14:00.
26-year-old man, killed his baby mom and then hanged himself in Georgedale KwaZulu-Natal yesterday. For more visit https://t.co/kzM7gC98wy pic.twitter.com/AQPKax1QAu
— Sbusiso Maphumulo (@IamsbusisoM) May 6, 2026
