
Abasolwa abane ababefunwa ngamacala ahlukene okubalwa kuwo ukubulala, ukuzama ukubulala kanye nokuphanga ngesibhamu badutshulwe balimala kabi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eMatikwe Area 2 eNanda ngoLwesibili ebusuku.
Amaphoyisa aphuthume ngokushesha kulandela ukulunywa indlebe mayelana nabasolwa abafunwayo ababonwe endaweni yabo abacasha kuyo okuyindu encane enamagumbi amabili eMatikwe.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa 4 wabasolwa ngokubamba inkunzi amaveni emali eKZN
Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, kuqhume inganono, kudubulana amaphoyisa nabasolwa nokuyinto eholele ekutheni kushone abasolwa. Kutholwe izibhamu ezine nenqwaba yezinhlamvu.
Akwekho amaphoyisa okubikwe ukuthi alimalile kulesi sigameko.
